Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Umlingisi woZalo uzoba yingxenye yamahlaya

Umlingisi woZalo uzoba yingxenye yamahlaya

by | 1 November 2024

LUCKY CAIN

UYAZIGQAJA ngebanga aselihambile emdlalweni owuchungechunge, Uzalo, umlingisi owaba ngowokuqala ukubonakala kulo mdlalo eminyakeni ewu-10 eyedlule. USimphiwe Majozi (osesithombeni) odlala indawo kaSbu, nguyena mlingisi osebe kulo mdlalo isikhathi eside kanti kuvele ukuthi usazoqhubeka nokubonakala nangesizini ezayo.

Lo mdlalo kulindeleke ukuba uqale isizini ka-10 ngonyaka ozayo kanti indawo yakhe isazoqhubeka nokukhula njengoba kuvele ukuthi angase abonakale esengumfundisi kuwona. Ekhuluma neLANGA uthe uzizwa ethobekile ukuthi namanje usayingxenye yalo mdlalo futhi indawo yakhe abantu basaqhubeka nokuyithakasela. “Ukudlala uSbu kungikhulisile njengomlingisi,” kusho uSimphiwe.

Uthe okumchaza kakhulu ngokudlala le ndawo wukuthi ibuye ibe namahlaya, okwenza abantu bayithokozele. “Uyazi abantu sebeze bacabange ukuthi ngingusomahlaya uma behlangana nami emgwaqweni ngenxa yokudlala indawo kaSbu. Empeleni mina ngingumlingisi nje, kangiyena usomahlaya,” kusho uSimphiwe ozobonakala ephethe uhlelo emcimbini wamahlaya obhekwe ngabomvu, iSA Best Comedy Experience ozoba seThe Playhouse eThekwini mhla ka-15 kwephezulu. “Kulo mcimbi ngifuna ukucacisa ukuthi ngizobe ngingumphathi wohlelo, bakhona osomahlaya abazobe beboshelwe futhi engibathembayo ukuthi bazoshiya abantu kubuhlungu izisu,” kusho yena.

Uveze ukuthi kulo mcimbi uSkhumba Hlophe, uFelix Hlophe, uNonto R, u-Isaac Gampu, uSimphiwe Shembe nabanye. Lo mcimbi usungena esigabeni sesibili njengoba wenzekile eGoli lapho amathikithi adayiswa aphela. Amathikithi aseqalile ukutholakala ngo-R250 eWebtickets nasezitolo.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...