Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezamasiko 9 Umphakathi usola ingxenye yamakhosi ngobugebengu

Umphakathi usola ingxenye yamakhosi ngobugebengu

by | 17 March 2025

UKHONJWE engxenyeni yamakhosi umunwe maqondana nokwanda kwezigameko zobugebengu bokuntshontshwa kwemfuyo emiphakathini yaseMzimkhulu namaphethelo, embizweni ebibanjelwe enkundleni yezemidlalo esedolobheni laku le ndawo.

Izakhamizi ezahlukene zisho lokhu ngesikhathi kubanjwe imbizo yokucobelelana ngamaqhinga okunqoba impi yobugebengu obuhlalise lubhojozi imiphakathi yaseNingizimu-Afrika. 
Le mbizo ibhlelwe yihhovisi likandunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli obehambisana neziphathimandla zemikhakha eyahlukene okubalwa kuzona nabaholi bezenkolo. Ibikhona ingxenye yamakhosi aphethe izizwe ezahlukene ngaphansi kwesifunda iHarry Gwala. Amakhosi abeholwa ngusihlalo wawo esifundazweni, iNkosi uSifiso Shinga. 

Amalungu omphakathi anikwe ithuba lokuveza imibono yawo. “Indawo yethu lapha eMzimkhulu ihlaselwe kakhulu wubugebengu bokuntshontshwa kwemfuyo. Izinkomo zethu zithathwa ngamasela akwezinye izizwe. Uma sizilandela siyashaywa sidutshulwe sibulawe. Sicela uhulumeni ukuba abe nemikhankaso yethu yokuthi uma silandela izinkomo zethu amakhosi ayeke ukusivimba ngoba lokho kuthikameza ukusebenza kwethu. Kunezizwe nje okwaziwayo ukuthi amakhosi azo ayawavikela amasela ahlala kuzona,” kusho amalungu omphakathi. 

Inkosi uShinga ithe umthetho kufanele udlale indawo yawo ngaphandle kokubheka ukuthi udaba luthinta inkosi okanye umuntu onegama emphakathini. 

UMnu Ntuli uthe isicelo sakhe usibhekise kuwona wonke amalungu omphakathi ukuba abambisane naye kuliwe nobugebengu.

“Into enkulu kakhulu engizoyinxusa eyokuba wonke umuntu asukume ajoyine kulo mbuthano wokulwia nalesi sihlava. Ngeke sikwazi ukuphila nesizwe esinabantu abahlukumeza umphakathi ngokubantshontshela izinto zabo. Abadlwengula izingane nabesifazane. Abafukamela izigilamkhuba.”

“Ngiyazi ukuthi okuningi kukhonjwa emaphoyiseni. Yebo, kunjalo kodwa ngiyafisa ukuthi umphakathi ukuqonde ukuthi ubugebengu benzeka engekho amaphoyisa. Ngakho-ke yiwona umphakathi okufanele uhlale ngokuwabikela. Olunye udaba okufanele lulungiswe yilolu lwamashibhi angekho emthethweni ngoba ubugebengu obuningi benzeka uma kubuywa kulezi zindawo,” kuphetha uNtuli.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...