Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezamasiko 9 Umphakathi usola ingxenye yamakhosi ngobugebengu

Umphakathi usola ingxenye yamakhosi ngobugebengu

by | 17 March 2025

UKHONJWE engxenyeni yamakhosi umunwe maqondana nokwanda kwezigameko zobugebengu bokuntshontshwa kwemfuyo emiphakathini yaseMzimkhulu namaphethelo, embizweni ebibanjelwe enkundleni yezemidlalo esedolobheni laku le ndawo.

Izakhamizi ezahlukene zisho lokhu ngesikhathi kubanjwe imbizo yokucobelelana ngamaqhinga okunqoba impi yobugebengu obuhlalise lubhojozi imiphakathi yaseNingizimu-Afrika. 
Le mbizo ibhlelwe yihhovisi likandunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli obehambisana neziphathimandla zemikhakha eyahlukene okubalwa kuzona nabaholi bezenkolo. Ibikhona ingxenye yamakhosi aphethe izizwe ezahlukene ngaphansi kwesifunda iHarry Gwala. Amakhosi abeholwa ngusihlalo wawo esifundazweni, iNkosi uSifiso Shinga. 

Amalungu omphakathi anikwe ithuba lokuveza imibono yawo. “Indawo yethu lapha eMzimkhulu ihlaselwe kakhulu wubugebengu bokuntshontshwa kwemfuyo. Izinkomo zethu zithathwa ngamasela akwezinye izizwe. Uma sizilandela siyashaywa sidutshulwe sibulawe. Sicela uhulumeni ukuba abe nemikhankaso yethu yokuthi uma silandela izinkomo zethu amakhosi ayeke ukusivimba ngoba lokho kuthikameza ukusebenza kwethu. Kunezizwe nje okwaziwayo ukuthi amakhosi azo ayawavikela amasela ahlala kuzona,” kusho amalungu omphakathi. 

Inkosi uShinga ithe umthetho kufanele udlale indawo yawo ngaphandle kokubheka ukuthi udaba luthinta inkosi okanye umuntu onegama emphakathini. 

UMnu Ntuli uthe isicelo sakhe usibhekise kuwona wonke amalungu omphakathi ukuba abambisane naye kuliwe nobugebengu.

“Into enkulu kakhulu engizoyinxusa eyokuba wonke umuntu asukume ajoyine kulo mbuthano wokulwia nalesi sihlava. Ngeke sikwazi ukuphila nesizwe esinabantu abahlukumeza umphakathi ngokubantshontshela izinto zabo. Abadlwengula izingane nabesifazane. Abafukamela izigilamkhuba.”

“Ngiyazi ukuthi okuningi kukhonjwa emaphoyiseni. Yebo, kunjalo kodwa ngiyafisa ukuthi umphakathi ukuqonde ukuthi ubugebengu benzeka engekho amaphoyisa. Ngakho-ke yiwona umphakathi okufanele uhlale ngokuwabikela. Olunye udaba okufanele lulungiswe yilolu lwamashibhi angekho emthethweni ngoba ubugebengu obuningi benzeka uma kubuywa kulezi zindawo,” kuphetha uNtuli.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...