Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Wuqhude manikiniki kwiNgoma kaZwelonke

Wuqhude manikiniki kwiNgoma kaZwelonke

by | 5 June 2025

BAFAKWE emdlalweni wokuqhudelana abesifazane kwiNgoma kaZwelonke. Umsunguli weNgoma kaZwelonke uMnu Xolani Mcineka uthi balwela ukulinganisa ubulili kwiNgoma kaZwelonke. Uthe inhloso yokuthuthukiswa kwayo nokuqoqa intsha ayikhethi ubulili.

Le ngoma ezokuba mhlaka-21 kwephezulu ePeoples Park eMoses Mabhida, eThekwini, kubekwe umdlalo ophakathi kwamagoso amabili esifazane oMelisizwe abaholwa uNdoni Ndunakazi, nePhakama Mbokodo eholwa uGandaganda Sikhakhane bobabili abangabaculi bakamaskandi. Ezinsizweni, iqhude lomdlalo lizobe liphakathi koLundi eziholwa uKhalamfazi Vilakazi neNkandla eziholwa uMavava Sikhakhane. UNdoni uthi kulo nyaka kukhulu okuzokwenzeka eNgomeni kaZwelonke ngenxa yokwanda kwabesifazane. Utshele ILANGA ukuthi kungene namanye amagoso okubalwa ezikaMgijimi, oQhawekazi nabanye.


“Ukuqhathwa kwethu emdlalweni ofana nalona wamagoso ahlonishwa ngalolu hlobo emdlaweni wengoma, kuyasikhuthaza kakhulu ngoba kwenza ukuba abesifazane bazimisele kakhulu. Akugcini ngokuthi sizimisele thina esiqokiwe, kodwa nabanye besifazane abasezindaweni zasemakhaya kubanikeza ugqozi lokuqeqesha izingane ezisencane zamantombazane ngengoma ukuze ziqoqeke. Siyajabula ukuthi abeNgoma kaZwelonke bayasifukula njengoba nami ngingomunye ofakiwe nasekomidini labahleli bale ngoma ngenhloso yokuthi ngimele abesifazane,” kusho uNdoni.


Uthi kuyoshiyana ukwenza phakathi koMelisizwe nePhakama Mbokodo. Uveze ukuthi bazoqala ukuzilolonga ngoLwesihlanu. Uthi kulo nyaka ugadla ngamajongosi amaningi azokwenza ezibukwayo.


“Leli thuba esinikezwa lona elokuzibonakalisa ukuthi singabantu besifazane sinamandla. Siyanxusa ukuba basondele nabanye besifazane ukuze ngokuzayo sandekakhulu isibalo sethu mbokodo esiyingxenye yomdlalo wengoma,” esho.
kwiNgoma kaZwelonke kuzobe kungenwa mahhala, amathikithi adayisayo awezicukuthwane, asukela ku-R750 elilodwa, kuya ku-R15 000 itafula. Umcimbi wesekwe uMnyango wezokuBusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMasipala weTheku nephephandaba ILANGA.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...