Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Wuqhude manikiniki kwiNgoma kaZwelonke

Wuqhude manikiniki kwiNgoma kaZwelonke

by | 5 June 2025

BAFAKWE emdlalweni wokuqhudelana abesifazane kwiNgoma kaZwelonke. Umsunguli weNgoma kaZwelonke uMnu Xolani Mcineka uthi balwela ukulinganisa ubulili kwiNgoma kaZwelonke. Uthe inhloso yokuthuthukiswa kwayo nokuqoqa intsha ayikhethi ubulili.

Le ngoma ezokuba mhlaka-21 kwephezulu ePeoples Park eMoses Mabhida, eThekwini, kubekwe umdlalo ophakathi kwamagoso amabili esifazane oMelisizwe abaholwa uNdoni Ndunakazi, nePhakama Mbokodo eholwa uGandaganda Sikhakhane bobabili abangabaculi bakamaskandi. Ezinsizweni, iqhude lomdlalo lizobe liphakathi koLundi eziholwa uKhalamfazi Vilakazi neNkandla eziholwa uMavava Sikhakhane. UNdoni uthi kulo nyaka kukhulu okuzokwenzeka eNgomeni kaZwelonke ngenxa yokwanda kwabesifazane. Utshele ILANGA ukuthi kungene namanye amagoso okubalwa ezikaMgijimi, oQhawekazi nabanye.


“Ukuqhathwa kwethu emdlalweni ofana nalona wamagoso ahlonishwa ngalolu hlobo emdlaweni wengoma, kuyasikhuthaza kakhulu ngoba kwenza ukuba abesifazane bazimisele kakhulu. Akugcini ngokuthi sizimisele thina esiqokiwe, kodwa nabanye besifazane abasezindaweni zasemakhaya kubanikeza ugqozi lokuqeqesha izingane ezisencane zamantombazane ngengoma ukuze ziqoqeke. Siyajabula ukuthi abeNgoma kaZwelonke bayasifukula njengoba nami ngingomunye ofakiwe nasekomidini labahleli bale ngoma ngenhloso yokuthi ngimele abesifazane,” kusho uNdoni.


Uthi kuyoshiyana ukwenza phakathi koMelisizwe nePhakama Mbokodo. Uveze ukuthi bazoqala ukuzilolonga ngoLwesihlanu. Uthi kulo nyaka ugadla ngamajongosi amaningi azokwenza ezibukwayo.


“Leli thuba esinikezwa lona elokuzibonakalisa ukuthi singabantu besifazane sinamandla. Siyanxusa ukuba basondele nabanye besifazane ukuze ngokuzayo sandekakhulu isibalo sethu mbokodo esiyingxenye yomdlalo wengoma,” esho.
kwiNgoma kaZwelonke kuzobe kungenwa mahhala, amathikithi adayisayo awezicukuthwane, asukela ku-R750 elilodwa, kuya ku-R15 000 itafula. Umcimbi wesekwe uMnyango wezokuBusa ngokubambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMasipala weTheku nephephandaba ILANGA.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...