Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UMshololo uzohola isicelo sabafuna kuhoxe imantshi kwelikaSiya Mhlongo

UMshololo uzohola isicelo sabafuna kuhoxe imantshi kwelikaSiya Mhlongo

by | 19 December 2025


KUVELE Advocate Zandile Mshololo njengozohola isicelo sokuba kuhoxe imantshi eyengamele icala lalowo owayengumsakazi woKhozi FM uSiyabonga “Siya” Mhlongo.

Lokhu kuvele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, lapho obekulindeleke khona ukuba kulalelwe isicelo sohlangothi lwabammeli bammangalelwa sokuba kuhoxe iMantshi uMhlonipheni Sibiya kuleli cala.

Isaziso sokufakwa kwalesi sicelo sifakwe kule nkantolo ngoMsombuluko, obekumele kuphume ngawo isigwebo kodwa kwangenzeka ngenxa yokuthi abameli bakaSiya u-Adv Cyril Simphiwe Mlotshwa noMmeli uSikhumbuzo Mathabela, batshela umshushisi uMnu Siduduzo Ntshayintshayi noSibiya ukuthi kunabammeli abathinte ikilayenti labo belazisa ngezinhloso zabo zokufaka lesi sicelo.

NgoLwesihlanu kufudwe enkantolo igama lika-Adv Mshololo njengozohola uhlangothi lukaMhlongo ekufakweni kwalesi sicelo. UMathabela utshele inkantolo ukuthi uMshololo, obengekho enkantolo, ucelwe yizihlobo nabangani bakaSiya abakhathazekile ngokuqhubeka kwecala.

Ezisematheni

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

KALIKHO iqembu elizowina udede, liphathe lodwa kuMasipala weTheku okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kuvezwe wucwaningo oluqhutshwa yiMark Data Poll, olucwaninga ngemiphumela yalolu khetho komasipala abahlukene. Ucwaningo...