Ilanga News
Home 9 Featured 9 Unconywe ngokufukula abanye osomabhizinisi oweWiseman’s Carwash

Unconywe ngokufukula abanye osomabhizinisi oweWiseman’s Carwash

by | 18 March 2026

UNCONYWE ngokuba usomabhizinisi okwazile ukuvulela abanye amathuba uMnu Wiseman Mncedisi Cele ongumnikazi wendawo yodumo yobumandi KwaMashu ebizwa ngokuthi kwaWiseman’s Carwash and Shisanyama ngesikhathi kunenkonzo yakhe yesikhumbuzo ebikuyona le ndawo ngoLwesibili.

UCele obenamanye amabhizinisi ahlukene kulona leli lokishi nakwezinye izindawo ukhunjulwe ngemisebenzi yakhe nangokuba wusizo komakhelwane bakhe.

Ekhuluma kule nkonzo uMnu Fayo Chili umchaze njengomholi obebukhali ohambisana negama lakhe.

Uthe uCele ubenobuhlakani obuyisimanga futhi ekwazi ukufukula abanye osamabhizinisi ahlangane nabo bengenalutho.

“Ubekwazi ukushintsha impilo yomuntu akhule ngezindlela eahlukene ikakhulukazi kwezamabhizinisi. Sonke njengabangani bakhe sinomlando esingawuxoxa ngokusizo alufaka empilweni zethu,” kusho uChili obengomunye wabangani bakaCele.

UMnu Nxumalo ongumakhelwane walo somabhizinisi esigcemeni sakwa-G umchaze njengobewusizo olukhulu empilweni yomndeni wakhe.

Uthe ngesikhathi uCele ezoqala ukwakha kulesi sigceme babengenawo amanzi kodwa wakwazi ukumsiza ngokuthi awathole kanjalo nangesikhathi evalelwe ugesi waya ukuyokhala kuyena.

“Ngafike ngambikela ngenkinga yokuvalelwa ugesi nebala wathumela unjiniyela wafika wangikalela intambo wabe esengifakela ugesi,” kusho uNxumalo. Uphinde wamqhakambisa nangokuba wusizo ebandleni abekhonza kulona uNxumalo.

“Nakuba ebengasonti ebandleni lami kodwa ukwazile ukuba wusizo ngohlelo lwethu lwesobho esilwenzela umphakathi wasixhasa nakhona,” kusho uNxumalo ebonga nendodakazi kaCele uPhumzile osekunguyena owengamele iWiseman’s Carwash and Shisanyama.

UPhumzile ubonge uyise ngokuba yisibonelo wakwazi nokumcathulisa ngokumfundisa ngamabhizinisi ahlukene.

Uchaze uyise njengobezifela ngemali njengoba sonke isikhathi ebehlale ecabanga amaqhinga okwenza imali.

Utshele izicukuthwane ukuthi uyise cishe uphelile iminyaka emihlanu ehamba nakho ukugula kangakokuba bese kuzwela kuyena ngendlela abesexineke ngayo.

“Ukugula kukababa kwenze sakwazi ukukusho konke ebesifisa ukukusho kuyena kanjalo nalokhu ebesifuna asicacisele ngakho sikubuzile kuyena wasichazela. Ngingasho ukuthi uphumule ngoba bekungasemnandi ukumbona ekulesiya simo abekusona,” kusho uPhumzile.

Le nkonzo yesikhumbuzo ibihanjelwe ngabantu bamazinga ahlukene okubalwa osomabhizinisi, omakhelwane, izihlobo nosaziwayo.

Phakathi kosaziwayo abebekhona kule nkonzo kubalwa uDladla Mshunqisi, Happygal, Cndo, Sonic, Sox, Sjerere, Master Blaster, Beast nabanye.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...