Ilanga News
Home 9 Featured 9 Undunankulu uzohlangana nososeshini bamatekisi ahamba amabanga amade

Undunankulu uzohlangana nososeshini bamatekisi ahamba amabanga amade

by | 5 December 2024

MTHOKOZISI DLOMO

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, noNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni uMnu Siboniso Duma, namuhla ngoLwesine bazohlangana nezithunywa zososheshini bamatekisi ahamba amabanga amade ngenhloso yokuthola isixaxululo odabeni lwesiteleka samatekisi esiqhubekayo esifundazweni.

Abanikazi bamatekisi bafunge bagomela ukuthi bazoqhubeka nesiteleka sabo kuze kubuyiswe izimoto zabo ezishaqwe wu-Operation Shanela, ngenxa yokungabi nazo izimvume zokusebenza.

Lesi siteleka esiqale ngeledlule sishaye kwezwela kubagibeli nabadayisa emarenki, sadala nokubambezeleka emigwaqweni njengoba amatekisi abevale imigwaqo kusukela ngesonto eledlule.

Undunankulu uthi uyawuqonda umthelela omubi emnothweni nasemphakathini, owenzekayo ngenxa yalesi siteleka.

“Ngeke sigoqe izandla, sibuke siqhubeka lesi simo esenzekayo lapho izinkulungwane zabantu zingasakwazi ukuhamba zifinyelele lapho ziya khona. Kumele sibeke phambili izakhamizi zaKwaZulu-Natal nabagibeli,” kusho uNtuli esitatimendeni.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...