Ilanga News
Home 9 Featured 9 Undunankulu uzohlangana nososeshini bamatekisi ahamba amabanga amade

Undunankulu uzohlangana nososeshini bamatekisi ahamba amabanga amade

by | 5 December 2024

MTHOKOZISI DLOMO

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, noNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni uMnu Siboniso Duma, namuhla ngoLwesine bazohlangana nezithunywa zososheshini bamatekisi ahamba amabanga amade ngenhloso yokuthola isixaxululo odabeni lwesiteleka samatekisi esiqhubekayo esifundazweni.

Abanikazi bamatekisi bafunge bagomela ukuthi bazoqhubeka nesiteleka sabo kuze kubuyiswe izimoto zabo ezishaqwe wu-Operation Shanela, ngenxa yokungabi nazo izimvume zokusebenza.

Lesi siteleka esiqale ngeledlule sishaye kwezwela kubagibeli nabadayisa emarenki, sadala nokubambezeleka emigwaqweni njengoba amatekisi abevale imigwaqo kusukela ngesonto eledlule.

Undunankulu uthi uyawuqonda umthelela omubi emnothweni nasemphakathini, owenzekayo ngenxa yalesi siteleka.

“Ngeke sigoqe izandla, sibuke siqhubeka lesi simo esenzekayo lapho izinkulungwane zabantu zingasakwazi ukuhamba zifinyelele lapho ziya khona. Kumele sibeke phambili izakhamizi zaKwaZulu-Natal nabagibeli,” kusho uNtuli esitatimendeni.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...