
KUVELE ukuthi unengoduso aseyilobolile abanezingane ezine nayo, osolwa ngokudlwengula abulale isitshudeni esasifundela ukushayela amabhanoyi, isidumbu saso esatholwa sekuphele izinsuku ezine sinyamalele.
Lokhu kuvele ngesikhathi uMnu Ndabenhle Lindokuhle Majola (37), evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesine nangoLwesihlanu, lapho ebhekene khona namacala amabili, okungelokudlwengula nelokubulala uNkz Inami Tshakeni (20), owayenza izifundo zokushayela amabhanoyi.
Lesi sigameko senzeka ngomhla ka-13 kuNtulikazi (July) wonyaka odlule, isidumbu sikamufi satholakala ngomhla ka-17 kuwona uNtulikazi, silahlwe kwelinye ipulazi eCanelands, ngaseVerulam. Umufi watholakala emuva kokuba isithombe sakhe sase sisabalele ezinkundleni zokuxhumana, umndeni namaphoyisa becela ukufuniswa yena.
Kwabe sekuboshwa uMajola okunguyena owagcina ukubonakala ehamba nomufi kade besendaweni yokucima ukoma, eyaziwa ngokuthi iKwabulawayo Tarven, eReservoir Hills, eThekwini. UMajola ugibele ebhokisini lofakazi, wachaza uhlangothi lwakhe ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.
Uphike walala ngomhlane ukuthi nguyena owabulala umufi yize kunobufakazi obuhlanganisa obe-forensic nobe-tracker, obubeka imoto yakhe lapho kwatholakala khona isidumbu sikamufi eCanelands. Ngaphambi kokuba umshushisi uDenardo Mcdonalds, amphonse ngemibuzo uMajola, uqale waveza uhlangothi lwakhe, lapho etshele khona inkantolo ukuthi wayekade ephuza utshwala emzini kazakwabo asebenza naye enkampanini abakhanda iziqandisi (fridge) kuyona.
Uthe wabe esesuka khona kuyoshaya ihora lokuqala ezintathakusa, ehamba ngemoto yohlobo lweFord Ranger asebenza ngayo. Uthi esendleleni, wakhetha ukudlula Kwabulawayo Tarven, ukuyothenga obhiya ngaphambi kokuba aye lapho ehlala khona kuFulham Road, eReservoir Hills.
Uthi wafike wabona umufi owamcela ukuba amgibeze uma esehamba ngoba ethi imoto yakhe ujwayele ukuyibona ipake lapho ehlala ngakhona emgwaqweni uFulham. Uthi bavumelana ngokuthi bazohambisana babe sebehlukana, yena wayothenga ubhiya, umufi wayobheka abesilisa ababili ayehambisana nabo ngalolu suku.
Uthi laba besilisa beza kuyena uMajola, bacela ukuba nabo angabashiyi uma esehambisa umufi. Uthi bamtshela ukuthi bona baya eQuarry Heights. Utshele inkantolo ukuthi babe sebesala nomufi baxoxa naye, kangangoba baze baya emotweni yakhe okulapho afike wazibika khona (kumufi), wamqoma ngaleso sikhathi, bagcina ngokuya ocansini ngaso leso sikhathi emotweni yakhe umsolwa.
Uthi sebehamba, wagibeza laba besilisa ngemuva, umufi wahlala ngaphambili, babe sebeyoshiya laba besilisa eQuarry Heights. Uthi emuva kwalokho, bahamba nomufi eseyomshiya lapho ehlala khona, endleleni umufi waveza ukuthi ushiye umakhalekhukhwini wakhe endlini, ngakho ngeke akwazi ukufonela ongaphakathi endlini ukuze amvulele.
Uthi umufi wacela ukuba ayomshiya lapho okwehle khona laba besisilisa ayehamba nabo. Uthi ngenxa yokuthi wayehamba ngemoto asebenza ngayo, efakelwa udizili yinkampani, wabe eseya endlini eyoyishintsha, wathatha enye okuyiGTI ebomvu, wahambisa ngayo nomufi.
UPatrick Mkhumbuzi ongummeli kaMajola, ubuze ukuthi kuthini ukuphawula kwakhe ngobufakazi obethulwa nguMnu Chetty oqhamuka kwaForensic, owaveza ukuthi intambo eyatholwa ukuthi umufi waklinywa ngayo eyalethwa kubona, yayinamachaphazelo egazi, okwathi uma kuthathwa isampula kuMajola, kwenziwa ulibofuzo, kwavela ukuthi ngelakhe.
Utshele inkantolo ukuthi ngeke akwazi ukuphendula lokho ngoba akakaze ambulale umufi, futhi wamshiya engenalutho. Uphinde wambuza ngobufakazi obethulwa ngabenkampani yeTracker, obuveza ukuthi imoto yakhe yohlobo lweGolf GTI, yama imizuzu ewu-54 eCanelands, ezintatha lapho kwatholakala khona isidumbu sikamufi.
Uthi yena akwaziyo wukuthi waphantshelwa ngamathayi emoto kuleya ndawo ebheke eNdwedwe, eyolanda ithuluzi ayelishiye kwesinye sezitolo ayelungisa kulona isiqandisi. UMcdonalds ongumshushisi, ephonsa uMajola ngemibuzo, ubuze ngomndeni wakhe, nalapho ephendule ngokuthi unengoduso abanezingane ezine nayo, futhi unenye ayizala ngaphandle.
Umshushisi ubuze ukuthi wayenzani endlini yakhe njengoba ubufakazi bama-tracker buveza ukuthi imoto yohlobo lweFord Ranger wayicisha ngo-04:08 ekuseni, kanti i-tracker yeGTI iveza ukuthi wayidumisa ngo-04:34, okusho ukuthi kunemizuzu ewu-29 ayichitha endlini “edlwengula, ebulala umufi”.
Ukuphikile lokhu uMajola, wathi yena akazange ahlale isikha-thi eside, futhi akangenanga endlini. Umshushisi ube esemtshela ukuthi empeleni uMajola waphuzisa umufi utshwala ngenhloso yokuba alale naye, okuthe uma esesendlini yakhe, wenqaba, wabe esembulala ngaphambi kokumfaka emotweni yakhe, ayolahla isidumbu sakhe.







