Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Unesifiso sokukhulisa ibhizinisi onqobe koweThe Next Billionaire Business Awards

Unesifiso sokukhulisa ibhizinisi onqobe koweThe Next Billionaire Business Awards

by | 8 December 2025

UNESIFISO sokukhulisa ibhizinisi lakhe anwebe nendawon asebenzela kuyona usomabhizinisi oklonyeliswe ngendondo yeThe Next Billionaire Businesswoman of the Year emcimbini weThe Next Billionaire Business Awards 2025 obusoGu Sport and Leisure ePort Shepstone ngoLwesihlanu.

UNkz Amanda Mseleku onebhizinisi lendawo yokudlela nokujabula iEves Lounge ezinze eMthwalume ugoduke nale ndondo ngokuvotelwa ngabantu namakhasimende akhe.

Ekhuluma neLANGA ngokunqoba kwakhe le ndondo uNkz Mseleku odume ngelika-Eve uthe uzizwa ejabule kakhulu ngokunqoba kulo munxa ohambisana nesamba semali elinganiselwa ku-R20 000.

Uthe isifiso sakhe esikhulu wukuthi ayinwebe indawo asebenzela kuyona ngoba isiqala ukuba ncane ngenxa yesasasa elikhonjiswa ngamakhasimende akhe aphuma ngobuningi ukuzojabula kuyona.

Uthe ngale mali uzoyisebenzisela ukuthi aqhubeke nokuyilungisa indawo yakhe iqhubeke nokukhula.

“Ngiyabonga kubona bonke abangivotelile nalabo abaseka indawo yami njengoba ngithembisa ukuthi izinga ngizolukhu ngiqhubekile nokulenyusa,” kusho u-Eve egqamisa Isithebe sodumo njengesinye sezipesheli zakhe indawo yakhe edume ngaso.

“Abantu bayazifela ngesithebe sodumo ngoba sihlanganisa izinhlobo ezahlukene zenyama nama-wrap nokunye okumnandi okutholakala kusona,” esho.

Lo mcimbi bese kungokwesithupha wenzeka kulo nyaka kanti umhleli wawo uNkz Lungi Mbili ubonge bonke abaxhasi bawo okunguMasipala iRay Nkonyeni, Ugu District noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu Natal.

Uthe inhloso enkulu yalo mcimbi wukukhuthaza nokuthuthukisa osomabhizinisi ikakhulukazi labo abasakhula.

Uthe okuhle ngalo mcimbi wukuthi awugcini ngokuklomelisa nje kuphela kodwa kuningi okwenzekayo ukuqinisekisa ukuthi labo somabhizinisi bayacobeleleka ngolwazi.

“NgoLwesine sibe nohlelo lapho besilande khona izitolo ezinkulu ukuzocobelela ngolwazi nemigudu elandelwayo ukuze imikhiqizo yalabo somabhizinisi nayo igcine ikwazi ukuthengiswa kuzona.

Okube mqoka kakhulu wukuthi osomabhizinisi abasakhulu mabaqinisekise ukuthi balandela imigudu efanele yokuqinisekisa imikhiqizo yabo isezingeni, ihloliwe futhi iyahambisana nomthetho wokuthengiswa waseNingizimu Afrika,” kusho uNkz Mbili.

Ukhuthaze abantu ukuba babukele uhlelo iThe Next Billionaire olukhonjiswa ku-1 KZN njalo ngoLwesibili ukuthola iminingwane nokunye okuhambisana nokuthuthukisa osomabhizinisi abasakhula.

Ezisematheni

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

Akhonzele ehholo amaNazaretha ‘axoshwe ethembelini’

KUBHUNTSHE inkonzo yokubusisa ithempeli ebihlelwe ngamaNazaretha aseKuphakameni, aholwa yiNkosi uVukile “iNcoyincoyi” Shembe, ngenxa yombango wendawo ophakathi kwalolu hlangothi nolwaseBuhleni, oluholwa yiNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.  Le nkonzo obekumele ibe...

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

Kutholwe isidumbu solimale ‘eqhumisa imoto yemali’

KUTHOLAKALE imoto nesidumbu somsolwa oyanyansiwa nesigameko sokubanjwa kwemoto yemali esigamekweni esenzeke edolobheni laseKranskorp izolo ngoMsombuluko.  Ngokombiko wamaphoyisa, le sidumbu sitholakale namuhla emgwaqweni oowubhuqu obheke eNkandla,  eduze komfula...

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

Ukhuthaza eyokuhlonipha abagibeli ohlabane ngowomshayeli ovelele

KUSUKELA kwesobunxele nguMnu Lindani Shandu, olale isibili, nguMnu Bongani Malimela onqobe umklomelo wokuba ngumshayeli ovelele noMnu Sithembiso Zikalala olale isithathu. AYILOKOTHI itekisi ngoMgqibelo inhlalisuthi enqobe umklomelo wokuba ngumshayeli wetekisi ovelele...