Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ungqongqoshe uxwayise abashayeli kubhubha abomndeni welungu lesishayamthetho engozini

Ungqongqoshe uxwayise abashayeli kubhubha abomndeni welungu lesishayamthetho engozini

by | 8 September 2025

INTATHELI YELANGA

LISEMANZINI iLungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, elake laba ngungqongqoshe wezemidlalo, uNkz Hlengiwe Mavimbela, emuva kokuba amalungu omndeni walo amathathu kuvela ukuthi aphangalale engozini yemoto izolo ngeSonto.

Ngokwesitatimende esikhishwe wuMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, egameni likangqongqoshe wawo, uMnu Sboniso Duma, le ngozi yenzeke ngezithuba zo-15h00 kuN2, ngaKwaMbonambi. Kubikwa ukuthi imoto ebihamba amalungu omndeni kaNkz Mavimbela ishayisane mahlanze nenye imoto encane.

“Usomlomo wesishayamthetho (Nontembeko Boyce) usanda kungitshela ukuthi laba abadlule emhlabeni, ngamalungu omndeni welungu lesishayamthetho, uMhlonishwa uHlengiwe Mavimbela. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMavimbela, nakuyo yonke imindeni elahlekelwe ngamalungu ayo ezingozini zemigwaqo kule mpelasonto,” kusho uDuma.

Kule ngozi, kubikwa ukuthi kulimale kanzima abanye abantu abane, abaphuthunyiswe esibhedlela iNgwelezane neMelomed ngokwehlukana.

“Sibafisela ukwelulama okusheshayo,” kusho uDuma.

Wethulele isigqoko abezosizo oluphuthumayo ngokuzama ngakho konke ukusiza izisulu zale ngozi.

Ube esexwayisa abashayeli ngesimo sezulu esingesihle esibikezelwe yiSouth African Weather Service, njengoba ithe lingase liyidlive.

“Sinxusa abashayeli ukuba babe mehlo made emigwaqweni, ikakhulukazi eMthonjaneni, eNkandla, oNdini, KwaNongoma, eDumbe, oPhongolo, eBaqulusini, e-Alfred Duma, eBig 5 Hlabisa, eDannhauser, eMadlangeni, eNdumeni, eMsinga, eNquthu naseNewcastle. Ithimba lethu lakwaRoad Traffic lisiqaphe ngelokhozi isimo, ikakhulukazi emizileni emikhulu,” esho. 

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....