Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UNomcebo Zikode uthi usempini angayazi ukuthi uzoyinqoba kanjani

UNomcebo Zikode uthi usempini angayazi ukuthi uzoyinqoba kanjani

by | 13 May 2025

UKHALA ngokuxhashazwa endimeni yezomculo uNomcebo Zikode owakhipha ingoma eyaduma umhlaba wonke ethi Jerusalema ngemuva kokuphuma kwesinqumo esivuna inkampani ayeqopha kuyo i-Open Mic, eNkantolo eNkulu yasePitoli. Lo mculi wayefake icala ngokukhokhelwa ngale ngoma naveza ukuthi kalikho ngisho isenti elimnyama aseke walithola kuze kube manje.

“Ngiyezwa abantu bayakhuluma ezinkundleni zokuxhumana bethi nginomhobholo ngoba kukaningi ngiyicula bukhoma iJerusalema. Angikuphiki ukuthi ngenze izindodla zemali ngayo kodwa ngifuna le mali engayisayinela phansi ngesikhathi kwenziwa isivumelwano, akusikho ukuthi ngifuna okungaphezulu,” esho.


Uthi okwakushiwo yinkantolo ukuthi akabhale phansi imicimbi ayenzile ukuze anike i-Open Mic ingxenye yemali wakwenza kepha yona yahluleka wukumkhokhela imali yokudlalwa komculo kwaze kwaphela unyaka. Kunalokho kuthiwa ukweleta i-Open Mic ama-albuma amabili okumele awaqophe.

UNomcebo uthi ukhwantalala lumi ngenhla, akasazi ukuthi enze njani ngoba noMnyango wamaCiko namaSiko uthule. “Kulindwe ukuthi ngize ngiphelelwe yimali le enginayo, ngiphashe kuyima ngidatshukelwa. Le mpi kakusiyo eyami kuphela, ngeyamaciko onke aseNingizimu Afrika, kanti kuyoze kube nini sidlala izinkampani ezifuna ukuncela amandla amaciko?” kubuza yena ngentukuthelo.


UNomcebo uthi kunzima nokuqopha umculo omusha ngoba uma eqopha i-Open Mic iyawukhipha, ithi uyayikweleta kumele aqophe ngaphansi kwayo. Uthi idle imali yeJerusalema neye album ethi Xola Moya Wami kepha basafuna okungaphezulu. “Ngeke ngikwazi ukubaqophela omunye umculo besahluleka ukukhokhela lo engawuqopha. Sengikhale kakhulu, angisazi ngempela ukuthi ngenze njani. Ekuqaleni ukuze ngikwazi ukukhipha ingoma eyawina iGrammy kwadingeka ngikhokhe uR500 000 ukuze bangidedele,” esho.


Uphinde wakhala ngesikhulu sase-Open Mic athi singcolisa igama lakhe, sithi samcosha phansi engenalutho.
“UJamela yimi engahlangana naye engenalutho, engenamoto ehlala emjondolo futhi engashadelwe. Namhlanje sebehamba ngama Mesarati ngemali engibenzele yona ngeJerusalema. Akayeke amanga! Wangithola sengike ngasebenza noDJ Ganyani ngenze ingoma Emazulwini, engibona ukuthi nginesisindo, wafuna ukusebenza nami. Ngikhathele ukuthula manje, kunini kuthiwa ngizomelwa inkantolo, angingasho lutho. Ngikhathele ukuthula manje,” kuphetha yena.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...