Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UNtencane ukhala ngokugxekwa kukaKhuzani emculweni

UNtencane ukhala ngokugxekwa kukaKhuzani emculweni

by | 26 December 2024


UMCULI kamasikandi uSenzo “Ntencane” Zondi ucelele uKhuzani Mpungose kwisalukwazi sakhe ukuthi sihambe namabhadi okugxekwa kwakhe uKhuzani ngabanye abaculi uma bebhedelwa izinto zabo emculweni.

UNtencane udlulise lamazwi ekhulumela abaculi enkonzweni yokufihlwa kukaNkk Cagwe Mpungose (uninakhulu kaKhuzani) namhlanje ngoLwesine.

“Ngiyacela ukuthi ugogo ahambe nawo amabhadi okusolwa kuKhuzani okuthi ngaso sonke isikhathi uma sibhedelwa izinto zethu, sikhombe yena sibe sihlulwa ukukhathalela umsebenzi wethu. Ngikusho lokhu ngoba nami kungangehlela ngolunye usuku njengoba okwamanje izinto zami kubukeka engathi zisangihambela kahle” kusho uNtencane.

Uthe bonke abaculi abalwa nempumelelo kaKhuzani, bakhomba yena lomculi uma behluleka empilweni.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...