Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UNtencane ukhala ngokugxekwa kukaKhuzani emculweni

UNtencane ukhala ngokugxekwa kukaKhuzani emculweni

by | 26 December 2024


UMCULI kamasikandi uSenzo “Ntencane” Zondi ucelele uKhuzani Mpungose kwisalukwazi sakhe ukuthi sihambe namabhadi okugxekwa kwakhe uKhuzani ngabanye abaculi uma bebhedelwa izinto zabo emculweni.

UNtencane udlulise lamazwi ekhulumela abaculi enkonzweni yokufihlwa kukaNkk Cagwe Mpungose (uninakhulu kaKhuzani) namhlanje ngoLwesine.

“Ngiyacela ukuthi ugogo ahambe nawo amabhadi okusolwa kuKhuzani okuthi ngaso sonke isikhathi uma sibhedelwa izinto zethu, sikhombe yena sibe sihlulwa ukukhathalela umsebenzi wethu. Ngikusho lokhu ngoba nami kungangehlela ngolunye usuku njengoba okwamanje izinto zami kubukeka engathi zisangihambela kahle” kusho uNtencane.

Uthe bonke abaculi abalwa nempumelelo kaKhuzani, bakhomba yena lomculi uma behluleka empilweni.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...