Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UNtuli ukhuthaza intsha ukusheba ezemidlalo nemfundo

UNtuli ukhuthaza intsha ukusheba ezemidlalo nemfundo

by | 6 March 2025

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uThami Ntuli ugqugquzela intsha ukuba ishebe ezemfundo nezemidlalo ukuze iphumelele empilweni. UNtuli ubekhuluma ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni iKZN Premier’s Netball Cup ngoLwesihlanu eVictoria Mxenge Indoor Complex, esigcemeni sakwaD eMlazi.

Lo mqhudelwano udlalwa yibona bonke omasipala besifundazwe kanti uzoze usongwe ngeSonto. Uyaqala ukuba khona kulo nyaka kanti uNtuli wethembisa ukuthi uzokuba khona minyaka yonke.

“Ngijabule kakhulu ukuba khona kwalo mqhudelwano oqanjwe ngami. Kuyinto engithokozise kakhulu. Ngizohamba ngingqongqoza ngiwufunele abaxhasi ukuze ukhule. Ngiyacela ngane zami ukuba nithi nidlala nibe nifunda.

“Lapha kuMnyango wezeMidlalo esifundazweni sinoDokotela Sifunda oyinhloko yawo naye obeyingane njengani. Siyafuna ukubona abanye oBongiwe Msomi (obewukaputeni weqembu lesizwe leNetball) abazophuma lana. Abazodlala ngokuzimisela sizobabona emaqenjini esifundazwe azokube edlala kwiTelkom Netball League ezoqala maduze, ” kusho uNdunankulu.

Ukuvulwa kwalo mqhudelwano bekuhanjelwe nguNgqongqoshe wezeMidlalo esifundazweni, uMntomuhle Khawula, uMengameli weKZN Netball uGugu Ngema, uMengameli weKZN Sport Confederation uThami Mchunu nezinye izikhulu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...