Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Unyazi luphawula ngezinsolo zokuthumba nokubulala izingane eSwazini

Unyazi luphawula ngezinsolo zokuthumba nokubulala izingane eSwazini

by | 11 June 2025

YINGONYAMA uMakhosetive “Swati III” Dlamini noNyazi.


UKHULUME wajula umholi webandla lamaNazaretha iNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, ohola uhlangothi lwaseBuhleni, echaza okungaphakathi enhliziyweni yakhe ngezinsolo ezibucayi abeyanyaniswa nazo.

NgoMgqibelo amaNazaretha, aseBuhleni abehambise inkonzo yeSabatha esigodlweni eLudzidzini, kwaLobamba, Phakathi kwedolobha iManzini neMbabane, eSwazini.

Bekulindelekile ukuphawula koNyazi neNgonyama Mswati III maqondana nenkinga ekhona kuleliya lizwe.

UNyazilwezulu luphawule okokuqala ngezinsolo zokuthi luyathinteka enkingeni ehlasele izakhamizi zaseSwazini. Kulezi zinsuku indawo yaKwaNgwane ihlaselwe yinkinga yokuthunjwa kwezingane, ezinye zazo zitholakala zibulewe, izidumbu zao zinezimpawu zokucwiywa.

Kunabathile eSwazini, ikakhulukazi abasebenzisa izinkundla zokuxhumana, abebethi uNyazi neNgonyama uMakhosetive “Mswati III” Dlamini banolwazi ngokuthunjwa kwezisulu. Iningi lazo kuthiwa zibanjwa uma ziya noma sezibuya ezikoleni.

Zibalelwa ngaphezulu kweshumi nambili izingane ezinyamelele kuleliya lizwe esikhathini esingaphansi kwamasonto amathathu. Kunezinsolo zokuthi ezinye zazo zithunjwa kuleliya lizwe, ziyiswe KwaZulu-Natal.

Emasontweni amabili edlule amaphoyisa aKwaZulu-Natal asabalalise imibiko ezinkundleni zokuxhumana, nasemithonjeni yabezindaba, ecela ukufuniswa esinye sezisulu okuvele ukuthi singeniswe kuleli.

UNyazi luthe luke lwafikelwa wumcabango wokulifulathela elaKwaNgwane, kodwa lwaqiniswa ngamazwi athi ‘igwala kalinayo indawo eZulwini’.

“Abantu babhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uNyazi luzofunani eSwazini. Impendulo isobala; mina angizanga kubona futhi ngiyisimenywa seNgonyama uMswati III nondlunkulu besizwe, nesizwe sonke esingithandayo.

“Abantu basinameka ngezindaba zokuthi siyakwazi ukulahleka kwezingane. Nanamuhla ngilapha nje ngibukeka ngiqinile yingoba ngizwile ukuthi ukhona osebanjiwe, ongomunye wabanquma izingane.

“Kunamazwi athi igwala kalingeni eZulwini, yiwona angenze ngaba nesibindi sokuqhubeka ngihlale, nakuba bese ngizwile ukuthi igama lami lintaza emoyeni,” kusho uNyazi.

Lo mholi uqhube wathi kuyadabukisa ukulahleka kwenhlonipho kubantu abathile bakuleliya lizwe.

“Mina engikwaziyo wukuthi uma uthi umuntu uyingonyama yakho, awukwazi ukukhuluma ngaye, kodwa into eyenzekayo uyahletshwa umuntu omkhulu, akukhulunywa nje esidlangaleni ngaye, abhecwe ngobende inyama engayidlanga. Abantu abakhulu bayahlonishwa. Bangabazali,” kusho uNyazi.

INgonyama uMswati III inxuse izethameli zenkonzo ukuba zibeke ithemba kuNkulunkulu ngenkinga yokuthunjwa, kubulawe izingane okuhlasele ezingxenyeni eziningi zezwe.

“UNkulunkulu uyashesha ukuzwa umkhuleko womuntu osebuhlungwini. Nathi lapha KwaNgwane sibuhlungu ngenxa yemibiko ekhona. Kuyangithokozisa ukuthi minyaka yonke sihlangane nani maNazaretha sizokhonza. Kuyathokozisa ukukhula kwaleli bandla ngoba inkolo yalo ibuye igxile emuva, lapho sivela khona,” kusho iNgonyama uMswati.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...