
USEKUBHACENI nendodakazi yakhe owesifazane ovulele uyise wayo (indodakazi) icala lokuyidlwengula, esigamekweni esenzeka unina wengane ekhona endlini, elele kwelinye ikamelo ngenyanga eyedlule.
Lona wesilisa eligodliwe igama lakhe ukuvikela isisulu, uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngeledlule, ngecala lokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka ewu-12, esigamekweni okuthiwa senzeka kwaMashu ngenyanga edlule.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka unina wengane elele kwelinye ikamelo. Kubikwa ukuthi unina noyise wesisulu bebelala ngokwehlukana. Unina waso waphaphama ngesikhathi umsolwa ematasa, egila lo mkhuba endodakazini yakhe.
ILANGA lithole ukuthi kumanje isisulu nonina basekubhaceni njengoba besabela impilo yabo, njengoba umsolwa echazwe njengomuntu onodlame, futhi oyingozi. Ngokuthola kwaleli phephandaba, isisulu nonina babesanezinyanga ezintathu behlala nomsolwa endlini.
Ekhuluma naleli phephandaba unina wesisulu, uthe ngosuku okwenzeka ngalo isigameko, babeqeda kudla isidlo sasebusuku, babe sebebuka umabonakude ndawonye njengomndeni. Uthi bebelala emakamelweni ehlukene yize ingekho ingxabano abebenayo nomsolwa.
“Kwathi sisahleli, wabiza ingane wayitshela ukuthi mayiyolanda ingubo yokwembatha ekamelweni. Sabe sesihlala ngokwehlukana, okuthe ekuhambeni kwesikhathi ngasukuma ngayolala, ngabashiya bebukela umabonakude bobabili.
“Kuthe sengilele, ngizumekile, ngaphaphanyiswa wumsindo wokuvalela kwesicabha ekamelweni. Ngavuka, ngangabona muntu. Kuthe emuva kwesikhathi, ngezwa umsindo ongaqondakali kahle, kodwa bengizwa ukuthi nguyise wengane yami.
“Ngenxa yokuthi ngiyamesaba, futhi unesandla esilula, ngiqubile ngazenza umuntu olele. Kuthe emuva kwesikhathi, ngavuka, ngazenza umuntu oyolanda i-charger yefoni lapho besihleli khona. Ngifike esezumekile kusofa, elele nayo ingane, phansi kukhona ithawula novaselina,” esho.
Uthi wabe esephuma eya egunjini lokugezela elingaphandle komuzi, esaphakathi, ingane yangqongqoza ifuna ukuchama, kwasho ukuthi kukhona yena. Uthi yabe isiyochama ngemuva kwendlu, wayilunguza, wayibona ukuthi iyathunukala njengoba ichama.
Uthi ngaleso sikhathi uyise wengane wayemi egcekeni eyigadile, wamuzwa eyibuza ingane ukuthi izwa ubuhlungu yini, yavuma wayitshela ukuthi ingakhathazeki kuzophola.
“Ngibe sengibikela abasekhaya, okuyibona abakwazile ukulanda ingane, saya kudokotela, ofike wakuqinisekisa ukuthi ingane idlwenguliwe. Kuze kube yimanje siyesaba ngoba uyise wengane yami ungumuntu onolaka, futhi onodlame. Kunesigameko lapho ake wangishaya kanzima, emuva kwengxabano.
“Noma ekhuluma, ubehlezi ekuveza ukuthi yena wazi abantu abasezingeni eliphezulu. Lokhu kungenze ngesaba kakhulu ukuthi angasenzakalisa ngenhloso yokucima ubufakazi, yingakho sikhethe ukubaleka, sicashe,” esho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthi amaphoyisa avule icala lokudlwengula. Ukhona umsolwa oboshiwe, wavela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, kanti kulindeleke ukuba aphinde abuyele ngenyanga ezayo.







