LUCKY CAIN
USETEKETISWA ngeleTLB kwi-IFP uMnu Sizwe “Mavava” Sikhakhane (osesithombeni), njengoba leli qembu lifolosa ngaye esikhundleni sokuba yiphini lemeya kuMasipala waseThekwini okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November) nonyaka. UMavava kubhekwe ukuthi abe yiphini likaMnu Mkhuleko Hlengwa uma leli qembu linqoba ukhetho kulo masipala omkhulukazi Kwa- Zulu-Natal.

UMavava ungusomabhizinisi odume embonini yamatekisi, kanti ubonakala eyisilomo kuleli qembu, kwazise usanda kumenyezelwa njengo- Sihlalo walo esiyingini seTheku.Izolo ngeSonto kuchwaze inkundla iPrincess Magogo, KwaMashu, ngesikhathi ethulwa ezinkunjini zabalandeli baleli qembu ebeziyothamela ukwethulwa komhlahlandlela walo kulolu khetho lomasipala oluzayo.
Kuzwakale abanye babalandeli baleli qe- mbu bethi ‘yaphakama iTLB’ ngesikhathi esephakanyiswa uMavava.Ephawula ngokuteketiswa ngeleTLB uMavava, uthe kumumangazile ukubona inhlokomo yabantu ngesikhathi ethulwa. Uthe uyacabanga ukuthi leli gama ulithole ngenxa yokuthi ungumuntu oyimelayo into yakhe futhi akahlehli, uhlale ebheke phambili.
“Ngiyacabanga ukuthi nalo leli gama leTLB lincane, kahle kahle ngiyi-excavator ngoba ngiyagugula,” kusho uMavava.
Uthe namanje usakubonga ukwethenjwa ngabantu.
“Osekusele manje wukuthi ngizethembe njengoba sebekhombisile ukuthi bona bayangethemba,” kusho uMavava. Uthe unethemba lokuthi bazokwazi ukuthola amavoti anele ukuphatha uMasipala weTheku beyi-IFP.







