Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Usihlalo weBay FC nesibophezelo esishaqisayo ngomdlalo nePirates

Usihlalo weBay FC nesibophezelo esishaqisayo ngomdlalo nePirates

by | 26 January 2025

USIHLALO weRichards Bay uSifiso “Jomo” Biyela wenza isibophezelo esishaqisayo ngomdlalo wabo ne-Orlando Pirates.

IRichards Bay izovovana inkani neBucs koweLast 32 yeNedbank Cup namuhla ngeSonto ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UBiyela ongusihlalo ophinde abe ngumnikazi weBay wenze isibophezelo esishaqisayo ngomdlalo wabo nePirates enkundleni yezokuxhumana IiWatsapp.

UBiyela ubhale umbhalo othi: “Uma besehlula namhlanje, noma kanjani ngizobe ngidlubhe ijezi labo uma sebedlala owamanqamu weCaf Champions League.”

UBiyela ubhala lo mbalo nje kuzokhumbuleka ukuthi iBay ngesizini eyedlule iwashise ijezi yona iBucs ngo-5-4 wamaphenathi koweCarling Black Label Knockout, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...