
UBALISA ngosizi lukayise wezingane zakhe ovaleleke e-Ukraine, empini eqhubekayo phakathi kwaleliya lizwe neRussia, owesifazane waKwaMakhutha, uNkz Ayanda Khuzwayo.
UNkz Khuzwayo uxoxe neLANGA ngodaba lukayise wezingane zakhe ezimbili, uMnu Thapelo Legari, abathembisane umshado kusukela eminyakeni eyisikhombisa eyedlule. ULegari ubalwa nabawu-16 okuvela ukuthi baholelwa ophathe ngethuba lokuyoqeqeshwa eRussia, namathuba omsebenzi okwakuthiwa azolandela ngemuva kwalolu qeqesho.
Exoxa naleli phephandaba, uveze ukuthi ngemuva kokuthi uLegari ejoyine iMK Party ngo-2023, wakhetha ukuyohlala naye nezingane zabo KwaMakhutha.
“Ngemuva kokujoyina iMK Party, wathenjiswa umsebenzi, kwavela ukuthi ngaphambi kokuba asebenze, uzoqala ngokuyoqeqeshwa. Bathatha iminingwane yakhe okuhlanganisa ne-passport, watshelwa ukuthi makalinde uzokwaziswa uma sekusondele isikhathi,” kusho uNkz Khuzwayo.
Uthi uLegari ngaphambi kwalokhu wayesebenza njengomqaphi (bodyguard), ezinze eRustenburg. Uthi sonke lesi sikhathi uLegari ubexhumana nomunye wabaholi beMK wakhona KwaMakhutha (ILANGA elinalo igama nesibongo sakhe).
Uveze ukuthi ngomhla ka-7 kuNtulikazi (July) walo nyaka ebusuku, uLegari wathola umqhafazo omazisa ukuthi makalungise izimpahla zokugqoka ezimbili, nokokugqoka kwangaphansi, bese efika ngakusasa eGateway.

“Nebala wavuka wanikela khona lapho okwakuvunyelwene ukuthi kuzohlanganwa khona. Ngenxa yokuthi ngangisebenza, angikwazanga ukumphelezela, kodwa saxhumana, engitshela ukuthi usehlanganile nabanye ayezohamba nabo ukuya eRussia,” echaza.
Uthi ebusuku ngosuku olufanayo, wamtshela ukuthi sebeyagibela, banikela phesheya kwezilwandle ngenhloso yokuyoqeqeshelwa umsebenzi.
“Ngosuku olulandelayo saxhumana ngoWhatsApp, engitshela ukuthi usefikile kodwa abakafiki lapho bezozinza khona. Ngosuku olulandelayo saphinde saxhumana ngoWhatsApp, esengitshela ukuthi bahambe ngezimoto isikhathi eside njengoba sebefinyelelile lapho bezozinza khona,” eqhuba.
UNkz Khuzwayo uthi okwamxaka wukuthi inkombandlela amthumelela yona uLagari yayiveza ukuthi usese-Ukraine.
“Kwangidida lokhu ngoba sasazi ukuthi uya eRussia, naye wadideka uma ngimbuza, wathi akazi lutho okwamanje,” echaza.
UNkz Khuzwayo uthi izinyanga ezimbili – uNtulikazi noNcwaba (August) – uLegari ese-Ukraine, bebeqeqeshwa kanzima futhi waziholela lezi zinyanga, wamthumelela imali ukuze akwazi ukutholela izingane okuthile nokwasendlini.
“Kulezi zinyanga njalo ebusuku besixhumana kahle, ekhala ngobunzima boqeqesho ababeluthola, engitshela nokuthi bafundiswa nokwakha amabhomu nokunye okuhambisana nezimpi.”
UNkz Khuzwayo uthi inkinga iqale ngesikhathi sekumele basayine incwadi eyabe ibhalwe ngolimi abangaluqondi.
“Wangitshela ukuthi baqale bagoloza ukusayina le ncwadi, kodwa obebahola ubanxenxile ukuba basayine, ngelokuthi incwadi izokwazi ukubagunyaza ukuba bathole imisebenzi njengoba beyele yona ngale. Ngemuva kokusayina, bahlukanisiwe nabanye ozakwabo, yena wahanjiswa nabanye abahlanu, bayiswa kwezinye izindawo angazazi.
“Yilapho kujike konke, baqala baphendulwa izigqila benziswa izinto abangaziqondi, nokudla sebedla kanye ngosuku, kwesinye isikhathi bengakutholi ukudla kuphele izinsuku. Nokuxhumana kwethu kuqale kwaba yinkinga, kwesinye isikhathi ngibuye ngingamtholi. Uma sengimthola, angitshele ukuthi sezijikile izinto, akusafani sebeyahlukunyezwa manje.
“Usenokuthathwa ahanjiswe yedwa ayokwenziswa imisebenzi yokuthwala amasaka angawazi ukuthi amanye anani usuku lonke, angakutholi nokudla,” kuchaza uNkz Khuzwayo, enezela ngokuthi yilapho beqale khona ukubona ukuthi le ncwadi ababeyisayina yayisho okunye ababengakuyele lapha.
Uthi uqale lapho uLagari wamtshela ukuthi ufuna ukubuya, ngoba kuyacaca ukuthi abakusayinela wukuphendulwa izigqila endaweni okunezimpi kuyona.
“Inhliziyo yami iqale yaba buhlungu engithumelela izithombe zakhe ngimbona ehla emzimbeni, engasenanhliziyo futhi engasafuni nokuthi akhulume nezingane njengoba ebenza phambilini. Ngize ngaya naku…… (egagula lo mholi weMK waKwaMakhutha) ngayombuza ukuthi kanti kuqhubekani, nakhu ngikhalelwa nguyise wabantwana. Wangitshela ukuthi bayatetema laba, bayaqeqeshwa.”

Uthi sekuyazwela ukuzwa isimo uyise wabantwana bakhe, abhekene naso ezweni elikude, ikakhulukazi njengoba esezithola esempini angahlangene nayo.
“Nginxusa uhulumeni, uMnyango wezobuDlelwano bamaZwe ukuba ungenelele, ukwazi ukubuyisa uyise wezingane zami nabanye ahambe nabo ngoba nasezinganeni sekubuhlungu, ziyabuza ukuthi uphi, futhi uzobuya nini.”
Uthi uthandazela ukuthi kushaye uKhisimusi esebuyile uyise wabantwana bakhe, ukuze ezokwazi ukuthokozela lolu suku nomndeni wakhe uphelele. Uthi ngeke aluthokozela lolu suku uLegari esavaleleke e-Ukraine.
UNgqongqoshe woMnyango wezobuDlelwano bamaZwe uMnu Ronald Lamola, ucashunwe emithonjeni yabezindaba eveza ukuthi umnyango wakhe wenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukubuya okuphephile kwabo bonke abavaleleke kule mpi ephakathi kweRussia ne-Ukraine.







