Ilanga News
Home 9 Featured 9 Usungule inhlangano ngenhloso yokusiza abaswele

Usungule inhlangano ngenhloso yokusiza abaswele

by | 13 August 2025

USUNGULE inhlangano engenzi inzuzo ngenhloso yokusiza abaswele owesifazane osemncane kodwa onenhliziyo evulelekile yokuphana uNkk Smangele Mkhize-Dlamini waseNewlands kodwa osezinze ePinetown.

UNkz Mkhize-Dlamini usungule le nhlangano ebizwa ngeBright Futures Collective ngokubambisana noNkz Nosipho Kheswa noNkz Vuyo Mtumtum, esiqalile ukwenza umehluko emphakathini njengoba ngempelasonto eyedlule ibe yingxenye yomcimbi wokubungaza abesifazane eWartburg eGreytown.

Kulo mcimbi uNkk Mkhize-Dlamini uveze ukuthi bebemenywe inhlangano iRuth WYDE Foundation lapho befike banikela khona ngezingubo ezahlukene nezicathulo kulabo abaswele.

Ekhuluma neLANGA uNkk Mkhize-Dlamini uthe bekuhleli kuyisifiso sakhe ukuqhamuka nento ezokwenza umehluko emphakathini.

“Ngikhule ngiwumuntu othandayo ukuphana nokuphosa esivivaneni kulabo abaswele. Ngakho kube yisibusiso kimina ukuthi ngoMarch kulo nyaka ngakwazi ukuvula le nhlangano ebuye isebenze njengenkampani engenzi inzuzo (NPC),” echaza.

Uthe ngemuva kokubhalisa ngokusemthethweni ube eseqala enxusa labo asondelene nabo ukuba bamsize ngokumnikelela ngezimpahle ezisesimweni esikahle kodwa abangasazisebenzisi.

“Ngiyabonga kubona bonke abakwazile ukunginekelela ukuze ngikwazi ukwenza umehluko kulabo abangathathi entweni. Ngokubambisana sikwazile ukuqoqa inqwaba yezimpahla nezicathulo esikwazile ukuthi sizidlulisele kulabo abazidingayo futhi abazamukele ngezandla ezimhlophe,” kuchaza uNkk Mkhize-Dlamini ozichaze njengowesifazane oqotho futhi ongunkosikazi nomama wabafana abathathu.

Uthe unesifiso sokuthi le nhlangano yakhe yakhe ikhule akwazi ukulula isandla ebantwini abahlukene bakuleli.

“Ngiyafisa ukuthi ngaphandle kokunikeka siphinde sikwazi ukusiza abantu abasha bathole amatoho ukuze bakwazi ukuzithuthukisa empilweni,” esho.

Unxuse labo abazimisele ukubambisana nenhlangano yakhe ngezindlela ezahlukene ukuba basebenzise izinkundla zayo zokuxhumana njengoba okuningi abakwenzayo bezokuveza khona.

Uveze ukuthi uyafisa nezinkampani ezizimele zingakwazi ukubambisana naye noma ngabe zinesifiso sokwenza noma imuphi umehluko emphakathini.

UNkk Mkhize-Dlamini uthe usuku lokubungaza uMandela kumele lube nsuku zonke njengoba ukunikela nokubhekelela labo abahlwempu kungamele kugcine ngomhla ka-18 kuNtulikazi kuphela kodwa noma inini uma likhona ithuba abantu mabaphose esivivaneni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...