
USHAYA indesheni kubalandeli u-Olwethu Mzimela (25) ongunozinti wamaZulu FC ukuba baphume ngobuningi ukuyobuka umdlalo wale kilabhu neMilford FC akholwa wukuthi uzobashiya bebheme bakholwa njengoba la makilabhu esefomini enhle selokhu kuqale isizini.
Umdlalo wala makilabhu – alandelanayo kwiTop 4 yeBetway Premiership – uzokuba ngoMgqibelo ngo-15h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. USuthu lusendaweni yesithathu kanti iMilford – engomakoti kulesi sigaba – ibambe isine.
UMzimela (25) uthi ngeke nangengozi bayithathe kancane iMilford ngoba nakhu izifikela kulesi sigaba. Phela uSuthu seluthele isibhaxu omkhaya balo abathathu kule sizini. Lwaqala ngeRichards Bay FC olwayigaxa u-2-1, lwalandela ngeDurban City elayinqoba ngawo futhi u-2-1, kwathi iLamontville Golden Arrows yathola u-1-0. Sekusele iMilford ukuze luvale ngehlahla emakilabhini aKwaZulu-Natal kulo mzuliswano wokuqala.
“Lo mdlalo ubaluleke kakhulu kithina, yingakho sinxusa abalandeli ukuba bafike ngobuningi kuwona ukuzosifaka ugqozi njengoba behlale benza. Siyethembisa ukuthi ngeke sibaphoxe,” esho. Kulo mdlalo kulindeleke ukuba uThandolwenkosi Ngwenya abuyise amakhokho okubhakuzisa inethi abewagqoka kusaqala isizini njengoba amathuba esenokuwashweba muva nje.
* Isiyonke imidlalo yeBetway Premiership ehlelelwe ukuba ngempelasonto iqhathwe kanje:-
NGOLWESIHLANU
EDanie Craven: Stellenbosch FC vs TS Galaxy 19h30.
NGOMGQIBELO
EMoses Mabhida: AmaZulu FC vs Milford FC 15h30.
ENelson Mandela Bay: Chippa United vs Kaizer Chiefs 15h30.
ESolomon Mahlangu: Kruger United vs Mamelodi Sundowns 18h00.
NGESONTO
ERoyal Bafokeng: Marumo Gallants vs Richards Bay 15h30.
EPeter Mokaba: Sekhukhune United vs Siwelele 18h00.







