Uzobhadla ejele olahlwe ngelokweba imali kamasipala

178

PHUMLANI GAMA

INKANTOLO yezeMali eThekwini igwebe owayesisebenzi sikaMasipala waseMkhanyakude. ULindiwe Ngomane (48), uNhlanhla Gumede (65) noRaphael Mbili (44) igixabeze ngezigwebo ezahlukene ngoLwesibili emuva kokulahlwa yicala lokukhwabanisa imali yalo mkhandlu. Leli cala lenzeka ngo-2006 ngenkathi uLindiwe engumphathi wemali yalo kamasipala. 

Kuthiwa nguyena owakhwabanisa imininingwane yezikhulu zalo masipala ezazinelungelo lokukhipha imali. Kuvela ukuthi wakhipha u-R6.2 million kamasipala wawufaka kuma-akhawunti ahlukene. Ngokobufakazi obethulwe enkantolo, kuvele ukuthi u-R1.5 million wafakwa enkampanini esebenza ngokutshalwa kwemali, kodwa umnikazi wenkampani wayengazi ukuthi ngeyani leyo mali.

Kuqulwa leli cala kubizwe ofakazi abehlukene okubalwa kubona nababeyizisebenzi zalo masipla, ezazingaphansi kukaNgomane. Lezi zisebenzi ziveze ukuthi wazicela ukuba zimsize ngenkathi egila lo mkhuba. UNgomane ugwetshwe iminyaka eyishumi ebhadla ejele. UGumede ugwetshwe iminyaka ewu-5 kanti uMbili yena iwu-6. Bobabili laba kuvele ukuthi yibona ababesiza uNgomane ukuthola imininingwane yezikhulu zikamapala. 

Previous articleUmlingisi woZalo uzoba yingxenye yamahlaya
Next article02 November 2024