Ilanga News
Home 9 Featured 9 UZOFIHLWA NGOMGQIBELO USOSAYENSI WAKWANONGOMA

UZOFIHLWA NGOMGQIBELO USOSAYENSI WAKWANONGOMA

by | 13 February 2025

UMNDENI kaSosayensi odlule emhlabeni ngeledlule, uNkz Senamile Masango, uthi uzofihlwa ngoMgqibelo.

Inkonzo yongcwabo izobanjelwa ekhaya kwaMasangano, esigodini saKwaTshodo kwaNongoma.

Inkonzo izoqala ekuseni ngo-9.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mndeni wawuveze ukuthi ubunesifiso sokuthi indodakazi yawo ihlonishwe ngomgcwabo kahulumeni wesigaba sesibili ngenxa yeqhaza abelibambe emkhakheni wezeSayensi.

Bathi le ntokazi ichithe isikhathi eside sempilo yayo ephakamisa lo mkhakha.

Ushone enza i-PhD in Nuclear Science kanti ubephinde abe nezinye iziqu ezahlukene.

Umndeni wakhe uke watshela ILANGA ukuthi kungenzeka ungangcwabi ngale mpelasonto ngoba ngeke ube namandla okuzifihlela yena ngenxa yokuthi ubengumuntu omkhulu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...