
UKHUZA ibuya umcimbi weShisanyama Festival njengoba uhlelelwe umhla ka-26 kuMandulo kophezulu nonyaka eBerea Rovers eThekwini.
Lo mcimbi oqale ukwenzeka ngonyaka owedlule uhlelwa ngumnikazi wendawo iMetro Gents Shisanyama eMlazi uLunga Mkhize.
Ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwalo mcimbini ezindlini zomsakazo iGagasi FM eCornubia uMkhize uthe kulo nyaka bahlela ukulinyusa izinga uma kuqhathaniswa ngonyaka owedlule.
Uthe ukuba nabaxhazi bezithako zakwaRobertsons nokulanda iGagasi neWisemans Carwash and Shisanyama KwaMashu njengophathini balo nyaka kukhombisa ngokusobala ukuthi balinyusa kangakanani izinga kulo nyaka.
Echaza ngokusunguleka kwalo mcimbi uMkhize uthe wakhuthazwa umnikazi wendawo Eyadini Lounge uJabulani Mjay Zama ongasekho emhlabeni.

Uthe uMjay uyena owamkhombisa ukuthi izindawo ezingoShisanyama zingakwazi ukwenza okungaphezulu nokuba izindawo zokudlela kuphela.
“Wakha indawo eyaphenduka eyokuheha izihambela eziqhamuka ezinkalweni ezahlukene nomhlaba waphinda wavula namathuba emphakathi abesebenzela kuwona,” kusho uMkhize.
Uthe umcimbi ifestival yalo nyaka izomema osomabizinisi abasakhula abasebenza ngakho ukushisa inyama ngezindlela ezahlukene.
Uthe abantu bazothola ithuba lokuzizwela izinhlobo ezahlukene zokosishwa kwenyama ngosomabhizinisi abahlukene.
Uqhube ngokuthi iWisemans Carwash and Shisanyama izoba nendawo yekhethelo kuyona le festival abantu abangakwazi ukuthenga amathikithi akhona kanjalo nayo iMetro Gents izobe inayo eyayo futhi.
Le festival izophinde ibophele uhlu lwabaculi noDJ abazojabulisa abantu njengoba lolu hlu luzogaba ngentandokazi kaDJ nomdidiyeli wezingoma uKelvin Momo.
Olunye uhlu lwabazonandisa luzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Isikhulu seGagasi FM uPinky Myeni uthe kuyabajabulisa ukuba ingxenye yalo mcimbi ngokuhamba uhambisana nombono walo msakazo wokubambisana nosomabhizinisi bakulesi sifundazwe ikakhulukazi labo abasakhula abasebenza khona emphakathini abawusakazelayo.







