Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Uzokwethula izindaba kwiSABC1 owalaxaza iGagasi FM

Uzokwethula izindaba kwiSABC1 owalaxaza iGagasi FM

by | 4 December 2024

NGU-DAWUD Phungula osezokwethula izindaba kuSABC1.

NONHLAKANIPHO SHINGA

INTATHELI yezindaba, uDawud Phungula, eke yasebenza kwiSoweto TV, iseveze ukuthi isizokwethula izindaba kuSABC 1.

Le nsizwa yaseNtshangwe, ithi ukuvulelekwa yileli thuba elingandele bani kusho ukukhula kuyona emkhakheni wezobuntatheli. 

“Kuyangijabulisa ukunazisa ukuthi sengizokwethula izindaba esiteshini iSABC 1, okuyinto esho lukhulu kumina. Lokhu kuyisifundo sokuthi uma unephupho ungalibukeli phansi, kepha ukholelwe ekutheni liyogcina lifezekile,” kusho yena.

Uthi uyakholelwa ekutheni lokhu kuseyisiqalo njengoba ezimisele ngokusebenza kanzima.

“Ngibonga kakhulu kwiSoweto TV, imisakazo esengike ngasebenza kuyona nabo bonke okuneqhaza abalidlalile empilweni yami. Ngibonga nothisha wami, uMnu Robin Sewlal,” kusho uPhungula esitatimendeni.

Kuzokhumbukela ukuthi ezinyangeni ezine ezedlule, le nsizwa ishiye isiteshi somsakazo iGagasi99.5 FM, njengoba beyethula izindaba kusona. UPhungula uzakhele ugazi nasezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kuYoutube njengoba enabalandeli abangaphezulu kuka-160 000 kwiChannel yakhe, iDawud TV ZA.

Nangemuva kokushiya iGagasi, wayesho ukuthi iphupho lakhe elikhulu wukusebenza kumabonakude.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...