Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Uzokwethula izindaba kwiSABC1 owalaxaza iGagasi FM

Uzokwethula izindaba kwiSABC1 owalaxaza iGagasi FM

by | 4 December 2024

NGU-DAWUD Phungula osezokwethula izindaba kuSABC1.

NONHLAKANIPHO SHINGA

INTATHELI yezindaba, uDawud Phungula, eke yasebenza kwiSoweto TV, iseveze ukuthi isizokwethula izindaba kuSABC 1.

Le nsizwa yaseNtshangwe, ithi ukuvulelekwa yileli thuba elingandele bani kusho ukukhula kuyona emkhakheni wezobuntatheli. 

“Kuyangijabulisa ukunazisa ukuthi sengizokwethula izindaba esiteshini iSABC 1, okuyinto esho lukhulu kumina. Lokhu kuyisifundo sokuthi uma unephupho ungalibukeli phansi, kepha ukholelwe ekutheni liyogcina lifezekile,” kusho yena.

Uthi uyakholelwa ekutheni lokhu kuseyisiqalo njengoba ezimisele ngokusebenza kanzima.

“Ngibonga kakhulu kwiSoweto TV, imisakazo esengike ngasebenza kuyona nabo bonke okuneqhaza abalidlalile empilweni yami. Ngibonga nothisha wami, uMnu Robin Sewlal,” kusho uPhungula esitatimendeni.

Kuzokhumbukela ukuthi ezinyangeni ezine ezedlule, le nsizwa ishiye isiteshi somsakazo iGagasi99.5 FM, njengoba beyethula izindaba kusona. UPhungula uzakhele ugazi nasezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kuYoutube njengoba enabalandeli abangaphezulu kuka-160 000 kwiChannel yakhe, iDawud TV ZA.

Nangemuva kokushiya iGagasi, wayesho ukuthi iphupho lakhe elikhulu wukusebenza kumabonakude.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...