Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Uzothatha izinsuku ezimbili umcimbi kaMzukulu

Uzothatha izinsuku ezimbili umcimbi kaMzukulu

by | 8 February 2026

SEKUVULWE ithuba lesibili lokudayiswa kwamathikithi, kwangezwa izinsuku emcimbini womjikelezo womculi kamaskandi wokwethulwa kwe-albhamu yakhe ephume nyakenye ku-December, yathakaselwa kakhulu endimeni yomculo wamabhinca.

Umcimbi kaMzukulu ozokuba mhlaka-17 ku-April ebusuku ePlayhouse, eThekwini, usuzokwenzeka nangomhlaka-18 kube yizinsuku ezimbili. UMzukulu uthi ngenxa yokuthi amathikithi adayiswe izinsuku ezimbili aphela, uthathe isinqumo sokuba umcimbi ubeyizinsuku ezimbili ukuze nabanye abanothando lokufika emcimbini bengasali ngaphandle.
“Bengingazitsheli ukuthi abantu bazowuthakasela kakhulu umcimbi. Kungiphoqile ukuba ngibhukhe usuku lwesibili ukuze umcimbi wenzeke izinsuku ezimbili,” kusho uMzukulu.


Uthi ingxenye ethile yabantu izongena ibukele umcimbi mhlaka-17 ebusuku, enye kube mhlaka-18 ebusuku. Utshele leli phephandaba ukuthi ngonyaka ozayo uzofuna indawo enkulu emumatha abantu abangaphezulu kuka-2000.
“Iplayhouse ihlalisa abantu abawu-1 200. Njengoba sesithathe izinsuku ezimbili, okusho ukuthi abanye abawu-1 200 bazofika ngosuku olulandelayo. Ngijabule kakhulu ngokuthi abantu bayawaseka umculo wethu,” esho.


Uthi lo mjikelezo wakhe obizwa ngokuthi “Ngifuna Izinto zami album Tour” uzohambela nakwezinye izifundazwe okubalwa kuzona eGauteng, eCape Town naseMpumalanga. Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi uvakashela izindawo ezikude ngenxa yokuthi abantu abazinze kuzona abalitholi ithuba lokubona bona.


“Abaculi abaningi kweminye imikhakha yomculo baziphilisa ngakho ukuvakashela abantu ezindaweni abahlala kuzona. Ngakho-ke le albhamu yami njengoba ithandwe kangaka, kufanele ngiyinikeze inhlonipho eyifanele ngiyihambise ngqo kubantu,”kusho uMzukulu.


Uthe kulo mcimbi uzobe ehambisana nabaculi abapikwe ezingomeni zakhe okubalwa kubona uJumbo, uLondeka Shangase, Imbongi uMagwinyimbuzi, uMfana weKhansela, uSiya Ntuli, umfoka Msezane nabanye,” esho. Amathikithi adayisa eComputickets.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...