Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Wethule umsakazo wakhe owaduma kuKhozi FM

Wethule umsakazo wakhe owaduma kuKhozi FM

by | 29 July 2026


UMSAKAZI owaduma kakhulu oKhozini FM uSbu Buthelezi, usememezele umsakazo wakhe omusha obizwa ngeCrown Radio Pro. Lo msakazo ozosebenza ngobuchwepheshe bedijithali (Digital), uzotholakala ku-internet ngokusebenzisa iwebsite ethi “www.crownradiopro.com”. Uthe uzoqala ukusebenza mhlaka-1 kuNcwaba (August) kuwona lonyaka. Uveze ukuthi kunezinhlelo ezizolalelwa mahhala kanti ezinye zizotholakala ngaphansi kohlelo olukhokhelwayo olubizwa ngePro Plus.

Phakathi kwezinhlelo ezihlelwe kulo msakazo, uthe ezenkolo, ezomjuxuzo nomculo kamaskandi.
“Lo msakazo uhlose ukuhlinzeka abalaleli ngezinhlobo ezahlukene zezinhlelo ezihambisana nezidingo zabo,” esho.
Uthe izinhlelo ezikhokhelwayo zizosebenza ngokuthi umlaleli abeyilungu elikhokhayo (subscriber) kulo msakazo kubekhona imali ayikhokhayo. Uphinde wavulela ithuba abantu abafisa ukuba nezinhlelo zabo emsakazweni bathenge isikhathi. Uthi phakathi nezinsuku ebusuku, kuzobakhona isikhathi sokunqamuka komsakazo kuqeqeshwe abafuna ukungena emkhakheni wokusakaza.

Ezisematheni

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule. Lokhu kuvele embikweni...

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...