
UMSAKAZI owaduma kakhulu oKhozini FM uSbu Buthelezi, usememezele umsakazo wakhe omusha obizwa ngeCrown Radio Pro. Lo msakazo ozosebenza ngobuchwepheshe bedijithali (Digital), uzotholakala ku-internet ngokusebenzisa iwebsite ethi “www.crownradiopro.com”. Uthe uzoqala ukusebenza mhlaka-1 kuNcwaba (August) kuwona lonyaka. Uveze ukuthi kunezinhlelo ezizolalelwa mahhala kanti ezinye zizotholakala ngaphansi kohlelo olukhokhelwayo olubizwa ngePro Plus.
Phakathi kwezinhlelo ezihlelwe kulo msakazo, uthe ezenkolo, ezomjuxuzo nomculo kamaskandi.
“Lo msakazo uhlose ukuhlinzeka abalaleli ngezinhlobo ezahlukene zezinhlelo ezihambisana nezidingo zabo,” esho.
Uthe izinhlelo ezikhokhelwayo zizosebenza ngokuthi umlaleli abeyilungu elikhokhayo (subscriber) kulo msakazo kubekhona imali ayikhokhayo. Uphinde wavulela ithuba abantu abafisa ukuba nezinhlelo zabo emsakazweni bathenge isikhathi. Uthi phakathi nezinsuku ebusuku, kuzobakhona isikhathi sokunqamuka komsakazo kuqeqeshwe abafuna ukungena emkhakheni wokusakaza.






