Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Zibikelwe uNyazi izinkinga ze-EFF

Zibikelwe uNyazi izinkinga ze-EFF

by | 14 June 2025

NGUMNU Julius Malema ongumengameli we-EFF kanye nomholi webandla lamaNazaretha iNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe. ISITHOMBE: SITHUNYELWE.
 


ZIBIKELWE uMholi webandla lamaNazaretha elidume ngokuthi ngelakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni oluholwa yiNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe izinkinga ezikhungethe i-EFF eholwa nguMnu Julius Malema ongumengameli wayo. 

UMalema oteketiswa ngelokuthi ungukhomanda omkhulu waleli qembu ube eyingxenye yezethameli enkonzweni yeSabatha ebelibanjelwe eLindantonga, KwaNongoma namhlanje. 

Umthombo osondelene noNyazi utshele leli phephandaba ukuthi uMalema ubeyobika izinkinga ezibhekene nempilo yakhe, waphinde wabika inkinga ekhungethe iqembu lakhe elihlubukwa ngamalungu amanye awo angabaholi futhi abayingxenye yokusungulwa kwalo

“Angithi uyazi ukuthi iqembu lakhe lishiywa ngabantu abayizethenjwa. Bonke babikwe oNyazini. UNyazi lubusisa bonke abantu abafika kulona. Naye uMalema unikiwe isibusiso, iqembu lakhe lizobuyelwa ngamandla njengasekuqaleni,” kusho umthombo. 

UMalema ushaye ngamafushane wathi bafike kuleli bandla ngoba bayizingane zalo futhi inhloso yabo enkulu wukuzobika umcimbi waleli qembu ozobanjelwa enkundleni yezemidlalo iKing Zwelithini, eMlazi, eThekwini lapho khona leli qembu lizobe linomcimbi wokubungaza usuku lwabantu abasha ngoMsombuluko

“Siyizingane zaleli bandla. Sinamalungu aleli bandla. Okukhulu sizobika umcimbi esizowenza eThekwini. Sikubika lokhu ngoba senzela ukuthi ningamangali uma nibona imibala ebomvu isabalale esifundazweni iKwaZulu-Natal. Siyabuhlonipha ubuholi baleli qembu siyabahlonipha futhi nabo bonke abakhonza kulona,” kuphetha uMalema.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...