Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Zibikelwe uNyazi izinkinga ze-EFF

Zibikelwe uNyazi izinkinga ze-EFF

by | 14 June 2025

NGUMNU Julius Malema ongumengameli we-EFF kanye nomholi webandla lamaNazaretha iNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe. ISITHOMBE: SITHUNYELWE.
 


ZIBIKELWE uMholi webandla lamaNazaretha elidume ngokuthi ngelakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni oluholwa yiNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe izinkinga ezikhungethe i-EFF eholwa nguMnu Julius Malema ongumengameli wayo. 

UMalema oteketiswa ngelokuthi ungukhomanda omkhulu waleli qembu ube eyingxenye yezethameli enkonzweni yeSabatha ebelibanjelwe eLindantonga, KwaNongoma namhlanje. 

Umthombo osondelene noNyazi utshele leli phephandaba ukuthi uMalema ubeyobika izinkinga ezibhekene nempilo yakhe, waphinde wabika inkinga ekhungethe iqembu lakhe elihlubukwa ngamalungu amanye awo angabaholi futhi abayingxenye yokusungulwa kwalo

“Angithi uyazi ukuthi iqembu lakhe lishiywa ngabantu abayizethenjwa. Bonke babikwe oNyazini. UNyazi lubusisa bonke abantu abafika kulona. Naye uMalema unikiwe isibusiso, iqembu lakhe lizobuyelwa ngamandla njengasekuqaleni,” kusho umthombo. 

UMalema ushaye ngamafushane wathi bafike kuleli bandla ngoba bayizingane zalo futhi inhloso yabo enkulu wukuzobika umcimbi waleli qembu ozobanjelwa enkundleni yezemidlalo iKing Zwelithini, eMlazi, eThekwini lapho khona leli qembu lizobe linomcimbi wokubungaza usuku lwabantu abasha ngoMsombuluko

“Siyizingane zaleli bandla. Sinamalungu aleli bandla. Okukhulu sizobika umcimbi esizowenza eThekwini. Sikubika lokhu ngoba senzela ukuthi ningamangali uma nibona imibala ebomvu isabalale esifundazweni iKwaZulu-Natal. Siyabuhlonipha ubuholi baleli qembu siyabahlonipha futhi nabo bonke abakhonza kulona,” kuphetha uMalema.

Ezisematheni

Umasipala waseMhlathuze usufakwe enkantolo

Umasipala waseMhlathuze usufakwe enkantolo

INHLANGANO i-African Movement Congress (AMC) isifake uMasipala waseMhlathuze, okuyiMpangeni neRichards Bay, enkantolo. Ikhononda ngokuthi ukuqoqwa kwemfucuza ezindaweni ezingaphansi kwalo masipala selokhu kwagcina phakathi kwenyanga kaNhlangulana (June). Amalungu...

Omunye umlilo emijondolo yaseThekwini

Omunye umlilo emijondolo yaseThekwini

ABEZIMO eziphuthumayo nabacimi bemililo bathwale kanzima ukunqanda umlilo obusha ubuhanguhangu, ezakhiweni zaseDakota, eSiphingo. Ibalelwa ku-150 imijondlo eshile kanti akekho umuntu okubikwe ukuthi ushonile ngenxa yalo mlilo. UMnu Billal Jeewa, wakwaGift of the...

Ibuyele esigodlweni indodakazi kaZuma egane uMswati III

Ibuyele esigodlweni indodakazi kaZuma egane uMswati III

EMUVA kokusabalala kwemibiko yokuthi indodakazi kaMnu Jacob Zuma owayengumongameli wakuleli, egane iNgonyama uMakhosetive "Mswati III" Dlamini, ibophe imithwalo yabuyela kubo, sekuvele eminye imibiko, ethi ibuyele emendweni. Emasontweni amabili edlule ubesematheni...