Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zimkhalele umnikazi wepulazi oqasha abokufika

Zimkhalele umnikazi wepulazi oqasha abokufika

by | 26 March 2025

USHAQWE ngamaphoyisa nezisebenzi zakhe umnikazi wepulazi okutholakale ukuthi uqasha abokufika kuphela, futhi abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba seNingizimu-Afrika.

Lo mlimi ungowaseDerby eNorth West, kusabalale izithombe zakhe efakwa ngoshova evenini yamaphoyisa.

Lesi sigameko senzeke ngemuva kokuba kugasele abahloli bamapulazi abe behambisana namalungu amaqembu ezombusazwe okuyiMK Party ne-EFF. 

Uboshelwe ukuthi uqasha abokufika abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba bahlale kuleli. 

Ezisematheni

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

Bafuna kuchithwe icala losolwa ngokubulala u-Ayabonga Mjilo

NGUMNU Mfanafuthi Kunene esebhokisini. UMMELI wowesilisa obhekene necala lokubulala u-Ayabonga Mjilo, isidumbu sakhe esatholwa sifakwe estamkokweni, ufake isicelo sokuba lichithwe icala ngoba ethi kabukho ubufakazi obukhomba ukuthi ikilayenti lakhe linecala. Lokhu...

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

Isililo kudlula isilomo somculi kamaskandi

SIKHULU isililo endimeni kamaskandi ngokudlula emhlabeni kwesilomo somculi uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini waseMachunwini, eMsinga. Lo mculi ubesengozini yemoto ebusuku phakathi kwamabili Richards Bay eyonandisa kwiBasadi Maskandi Festival, khona eRichards Bay....

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

USIHLALO we-Action SA kwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango umenyezelwe yiqembu lakhe ukuthi uyena oqokwe ukuthi angenele umjaho wesikhundla sokuba yiMeya yeTheku emcimbini obusehholo lomphakathi KwaMashu namhlanje ngoMgqibelo.UMncwango uqokwe noMnu Halalisani Ndlovu...