Ilanga News

Ezikamabonakude/umculo

ICebolethu lichitha ‘eyokukhetha iphela emasini’

ICebolethu lichitha ‘eyokukhetha iphela emasini’

NGUTHEMBISA Mdoda-Nxumalo owethula uhlelo lukamabonakude, Icebo Labantu. ISIKHULU senkampani yokungcwaba, Icebolethu, uMnu Webster Chikengezha, sichitha imibiko yokuthi le nkampani yodumo ingcwaba ngokusezingeni eliphezulu imingcwabo yosaziwayo nezikhulu kuphela....

UThandeka uveze imfihlo ngokulingisa ekaMkabayi kwiShaka Ilembe

UThandeka uveze imfihlo ngokulingisa ekaMkabayi kwiShaka Ilembe

UVEZE imfihlo yakhe yokulingisa indawo kaMkabayi emdlalweni iShaka Ilembe uThandeka Dawn King ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokwethulwa kwalo mdlalo obuseSibaya Casino ngoLwesihlanu. Lo mcimbi ubuhanjelwe ngamakhosi akulesi sifundazwe, izimeya, amakhansela...

ISilo uMiszulu kwethulwa umdlalo iShaka Ilembe S2

ISilo uMiszulu kwethulwa umdlalo iShaka Ilembe S2

UBUSISWE ubukhona beNdlulamithi iSilo uMisuzulu kaZwelithini umcimbi wokwethulwa kwesizini yesibili yomdlalo kamabonakude osuselwa kwiLembe eleqa amanye amaLembe obizwa ngokuthi Shaka Ilembe obuseMonte Casino eGoli ngoLwesine. Lo mcimbi ubuhanjelwe yizicukuthwane...

Akazisoli ngekhefu emculweni owoZalo oqokwe kowezindondo

Akazisoli ngekhefu emculweni owoZalo oqokwe kowezindondo

AKAZISOLI ngokuthatha ikhefu emculweni umlingisi woZalo oqokwe koweBest Supporting Actor emcimbini iSimon Mabhunu Sabela KZN Film and Television Awards, uBandile Maphalala. UMaphalala, odlala indawo kaHawu kulo mdlalo okhonjiswa esiteshini sikamabonakude iSABC 1...

Uyaqhubeka nokunyelwa inyoni esandleni uThuso Mbedu

Uyaqhubeka nokunyelwa inyoni esandleni uThuso Mbedu

ZIYAQHUBEKA nokumhambela kahle izinto umlingisi waseNingizimu Afrika osezinze phesheya kwezilwandle uThuso Mbedu osanda kuthola indawo ephambili emdlalweni iTask. UThuso odabuka eMgungundlovu uzolingisa kulo mdlalo nozakwabo oke waqokwa emcimbini wokuklomelisa...

UBig Zulu uphumele obala ngokuthatha isithembu

UBig Zulu uphumele obala ngokuthatha isithembu

ISILOMO somrepha wakuleli uBig Zulu usephumele obala ngembangela emenza afune ukuthatha isithembu. Lo mrepha ogamalakhe langempela uSiyabonga Nene odabuka eBergville uphumele obala kwiPodcast kaMcG iPodcast and Chill lapho eveze khona ukuthi isiphi isizathu...