Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ezikamabonakude/umculo 9 Kukhonya iKZN koweMasterChef nonyaka

Kukhonya iKZN koweMasterChef nonyaka

by | 17 February 2026

BATHEMBISA ukumela iKwaZulu Natal ngokusezingeni elifanele ohlelweni lukamabonakude lomncintiswano wokupheka iMasterChef abaqokwe ukumela lesi sifundazwe kulolu hlelo okulindeleke ukuthi luqale ukukhonjiswa ngeSonto mhla ka-22 kuNhlolanja esiteshini esizimele i-etv ngehora lesithupha kusihlwa.

Kulolu hlelo isifundazwe iKwaZulu Natal isona esigabe ngabantu abaningi abangenelile abaqhamuksa kusona njengoba ohlwini lwabawu-20, abawu-10 bewumsinsi waso.

Lolu oseluke lwakhonjiswa eziteshini ezahlukene kumabonakude luzobe luqala ukukhonjiswa kwi-etv kule sizini njengoba lukhuza ibuya.

UBandile Madinane waseThekwini ongomunye wabamele lesi sifundazwe uthe abantu bazobona okuhlukile ekudleni azobe ekupheka kulo hlelo njengoba ezobe exuba ubuyena futhi esebenzisa nezithako ezichaza lesi sifundazwe.

Uthembise ukusimela ngokusezingeni eliphezulu isifundazwe njengoba esiqhakambisile ngokuba nokudla okuhlukile futhi bakusona bekwazise ukudla.

Uthe inhloso yokungenela lolu hlelo wukuthuthukisa ikhono lakhe lokupheka futhi ngelinye ilanga akwazi ukusungula inkampani yokupheka.

Ngakolunye uhlangothi uNkululeko Ngubane wasoTongaat naye uthe uzokhombisa abantu izimanga ngezibiliboco azobe edlisa ngazo kulolu hlelo.

Uqhakambise uphuthu nesitshulu sethini lika-Fish njengenye sezibiliboco azifela ngaso kwazise simkhumbuza ekukhuleni kwakhe esafunda ukupheka njengoba kwakunguye owayephekela izingane zakubo njengobhuti omdala uma unina esemsebenzini.

Uthe isifiso sakhe wukuthi ngelinye ilanga abe nesitolo sakhe sokudlela esimumatha abantu abambalwa ukuze akwazi ukubaphekela yena futhi axhumane nabo njengoba ethatha ukudla njengenye yezindlela zokuxhumana nabantu kwazwane kangcono.

Ezisematheni

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

AMAQEMBU angenele ukhetho loHulumeni baseKhaya, olungomhla ka-4 kuLwezi (November), asayine imigomo yokuzibophezela ekutheni azokwenza ukhetho lube ngolukhululekile, futhi lungabi nazihibe. Abesayina eMidrand, eGauteng, namuhla ngoLwesithathu. USihlalo we-Electoral...

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

KUBULAWE owesilisa efaniswe nomuntu okusolwa ukuthi uyena obulala abesifazane abatholwa beshonile eKempton Park, eKurhuleni. Umufi uMnu Vusumuzi Radebe kuthiwa uhlaselwe yiqulu labantu eKurhuleni esolwa ngokuthi ungumbulali wabesifazane njengoba kutholakala izidumbu...